Kusungulwa iSikhwama soMshayilense wabaNgasebenzi; ukuze kukhokhelwe abangasebenzi abathile ngemali ethathwa kulesi Sikhwama, nokuthi kukhokhelwe labo basebenzi abagulayo, abazele, abathathabathe abantwana, nabantwana noma labo abebondliwa umsebenzi uma engasasebenzi; Ukulungiselela ukuba kusungulwe iBhodi loMshwayilense wabaNgasebenzi, imisebenzi yaleli Bhodi kanye nokukhethwa kukaKhomishani woMshwayilense wabangasebenzi; nokulungiselela okunye okuhambisana nalokhu.
Umbiko kaKhomishani, ukudluliswa kwamandla ukuthunywa, amandla kanye nemisebenzi.
Ukhomishani angathatha ngokuthi umuntu ubengofakayo esiKhwamani.
ingane  kushiwo umuntu okukhulunywa ngaye esigabeni 30 oseneminyaka engaphansi kwama-21 kanti kumbandakanywa nomuntu oneminyaka engaphansi kwama-25 osengumfundi nosancike ngazo zonke izidingo zemali kulowo obengumsebenzi.
b umuntu oqashwe umndeni njengomshayeli wemoto; kanye c nomuntu onakekela noma imuphi umuntu kulowo muzi; kodwa akumbandakanyi umsebenzi wasepulazini.
Inhloso yaloMthetho ngukusungula iSikhwama somshwayilense wabangasebenzi okuzofakwa kuso imali ngabaqashi nabasebenzi okuyothi uma abasebenzi abathile bephelelwa umsebenzi noma labo ababondlayo, bakwazi ukuthola izinzuzo ngaleyondlela kuyoncishiswa imiphumela yokungasebenzi kwezomnotho nezenhlalo yabantu.
d abantu abangene eRiphablikhi ngenhloso yokuqhuba isivumelwano esithile, nabasafundela umsebenzi, abafundayo lapha eRiphabliki uma ngabe ekupheleni kwaleso sivumelwano umqashi ephoqelekile ngokomthetho noma ngokwesivumelwano sokusebenza, sokufundela umsebenzi noma sokufunda, ukuba abuyisele lowo muntu ezweni lakhe, noma lowo muntu kufanele aphume aphele eRiphablikhi, kanye nabaqashi babo.
Ngaphandle kwesigaba 1 loMthetho uyasebenza kubasebenzi basendlini, abasebenza ngezikhathi ezithile zonyaka kanye nabaqashi babo ezinyangeni eziyi-12 kusuka ekuqaleni ukusebenza kwaloMthetho.
UNgqongqoshe kufanele ngokushesha emva kokuqala ukusebenza kwaloMthetho akhethe noma aqoke umgwamanda okufanele uphenye bese wenza izincomo mayelana nokusebenza kwalomthetho kubasebenzi basezindlini nalabo abasebenza ngezikhathi ezithile zonyaka.
c uNgqongqoshe kufanele abonisane neBhodi mayelana nemiphumela yophenyo.
g noma izimali ezishiyelwe lesi Sikhwama ngokwabiwa kwefa noma imali eyisiphiwo ephiwe sona iSikhwama i noma iziphi ezinye izimali ezingatholwa yilesi Sikhwama.
c ukukhokhwa - kwemiholo nezimfanelo zamalunga eBhodi loMshwayilense wabangasebenzi kanye nekomiti lawo; kanye ii nezinye izindleko okungenwe kuzona ngokwamukelekile nezihambisana nokusebenza kwaloMthetho.
Noma imuphi umuntu, umgwamanda, ukopeletsheni noma inhlangano, noma isizinda sezimali nomanje ngezinye izikhungo zingapha lesi Sikhwama imali noma zabele lesi Sikhwama imali ngokwefa.
Umqondisi-Jikelele angamukela imali noma ifa elabelwe iSikhwama esikhundleni seSikhwama.
Zingakapheli izinyanga ezimbili emuva konyakamali, usozibalo kufanele abukeze sonke isimo sezimali seSikhwama salowo nyakamali, bese ekhipha umbiko wesilinganiso sezimali awunikezwe uMqondisi-Jikelele.
noma iluphi ushintsho olukhona ekusentshenzisweni kwesisekelo nezindlela zokulinganisa zombiko wezimali zanyakenye; kanye iii noma izici ezithile noma izithiyo uMqondisi-jikelele aqaphele ngazo usozibalo noma ezisentshenziswa ngusozibalo ekwenzeni umsebenzi ngokwalesi sigaba b umbiko wokuqaphelisa nganoma iluphi undaba olubalulekile ukuze kutholakale isithombe esiyiso ngesimo sezimali seSikhwama d Izincomo mayelana nokulondwa noma ukwenziwa ngcono kwesimo esihle sezimali seSikhwama.
a mkhulu kunemali edingekayo ukukhokha izinzuzo; noma b inganele noma ingandi ngokwanele ukuze kukhokhwe izinzuzo ezilindelekile.
j noma iziphi izimali ezisuliwe ngokusho kwesigaba 588; kanye k noma iziphi izindaba izinqunywe nguNgqongqoshe.
nokuhlinzekela imali engodliwe; kanye b nokulandela inqubo emiswe esigabeni 55 ngokushintsha okuthile uma kudingekile.
uma ngabe umholo wehla ukhuphuka kakhulu ngesikhathi ngezikhathi, ukubalwa kufanelwe kuthathelwe enanini elijwayelekile lelowo msebenzi obefaka imali eSikhwameni.
a usuku aqala ngalo ukusebenza umsebenzi obefaka imali eSikhwameni kuze kufike usuku okwaphela ngalo umsebenzi;kanye b noma isiphi isikhathi- i umsebenzi wakhokhelwa iholo esikhundleni sesaziso ii) umsebenzi waseMkhunjini athola iholo ngokulandisa kwesigaba 140 soMthetho weMikhumbi ka 1951 (uMthetho ongunombolo 57 ka 1951.
Izinsuku okafanele athole izinzuzo ngazo lowo obefaka imali eSikhwameni ngokulandisa kwesigatshana 3 ngeke zancishiswa ukukhokhelwa kwemali yokuyobeletha ngokusho kwengxenye D yalesi Sahluko.
Isinyathelo 3 - susa kulesi samba izinsuku okutholwe ngazo izinzuzo(ungabali izizunzo zokubelethe) eminyakeni emine elandela usuku okufakwe isicelo sezizunzo ngokusho kwalesi Sahluko.
Isinyathelo 4 - Inombolo esalayo yiyona enikeza izinsuku zokuthola izizunzo okufanele azithole lowo obefaka imali eSikhwameni.
b ehluleka ukulandela imibandela yaloMthetho noma ngomunye umthetho ophathelene nokungasebenzi; noma c omisiwe ukuba angatholi izinzuzo ngokusho kwesigaba 361.
Ngokwenhloso yalengxenye, isikhathi sokungasebenzi kufanele sibalwe kusukela osukwini okugcinwe ngalo ukusebenza, noma usuku lokugcina emsebenzini.
Usuku okukhulunywa ngalo kusigatshana 1 lungagudlulwa luyiswe osukwini olungaphambi kosuku lokufakwa kwesicelo uma isikhulu okufakwa kuso izicelo saneliseka ukuthi isizathu esabangela ukuba kuchitheke isikhathi ngaphambi kokufakwa kwesicelo sasengaphezu kwamandla lowo obefaka imali eSikhwameni wayengenakukuvimbela okwenzekayo.
c usebenzi obefaka imali eSikhwameni ebhalise njengomuntu ofuna umsebenzi nesizinda sezemisebenzi esisungulwe ngaphansi koMthetho wokuThuthukiswa kwamaKhono ka 1998 uMthetho onguNombolo 97 ka 1998; futhi d ngokuhambisana nesigatshana 3, lowo obefaka imali eSikhwameni ekulungele futhi engakwazi ukusebenza.
a lowo obefaka imali eSikhwameni ehluleka ukuzobika ngezinsuku nangezikhathi esimiswe yisikhulu sezicelo ngakusho kwesigaba 174d; noma b lowo obefaka imali eSikhwameni enqaba noma ala ukuqeqeshwa noma ukwelashwa ngokwengqondo ngale kwesizathu esizwakalayo ngaphansi kwanoma iluphi uhlelo oluvunyelwe uMqondisi- Jikelele ngokusho kwaloMthetho noma imuphi omunye uMthetho.
Ngale kwesigatshana 1d nangokuhambisana nesigaba 201a, lowo obefaka imali eSikhwameni ohlaselwa isifo esathola inzuzo yokungasebenzi, uyakuqhubeka nokuthola inzuzo yokungasebenzi uma nje isikhulu sezicelo saneliseka ukuthi isifo leso ngeke sathikameza amathuba alowo msebenzi obefaka imali eSikhwameni okuthola umsebenzi.
Isicelo sokuthola imali yokungasebenzi kufanele senziwe ngokugcwalisa ifomu elenzelwe lokhu.
Isicelo kufanele senziwe zingakapheli zinyanga eziyisithupha kusukela ngosuku okuphele ngalo usmsebeni, kodwa uKhomishani angazamukela izicelo ezifakwe sesidlulile lesi sikhathi uma nje kunezi zathu ezizwakalayo.
Isikhulu sezicelo kufanele siphenye isicelo uma kudingeka singacela eminye imininingwane mayelana nokuqhubeka kokungasebenzi kwalowo ofake isicelo.
uMqondisi-Jikelele kufanele akhokhele lowo obefaka imali eSikhwameni inzuzo yokungasebenzi ehhovisini lezemisebenzi lapho kwafakwa khona isicelo noma iliphi elinye ihhovisi eliqokwe yilowo ofake isicelo ngesikhathi efaka isicelo.
Uma ngabe lowo ofake isicelo ethola inzuzo y0kungasebenzi enqabe noma ale ukuthatha umsebenzi ofanele ngaphandle kwesizathu esizwakalayo noma ale ukuyoqeqeshwa noma ukwelashwa, isikhulu sezicelo singakhipha inhlawulo yokuthi lowo obefaka imali eSikhwameni angayitholi inzuzo kuze kuphele isikhathi okungafanele seqe emasontweni ayishumi nantathu.
Ngokwenhloso yale ngxenye isikhathi sokugula kufanele sinqunywe kusukela ngosuku agcine ngalo ukusebenza lowo obefaka imali eSikhwameni ngenxa yokugula.
Isigatshana 1 siyasebenza futhi, nakuba kungaba noshintsho oludingekayo, ekunqumeni isikhathi sokuyobeletha nesikhathi sokuyothabatha umntwana okukhulunywa ngakho esigabeni 24 2 nesigaba 27 3 ngokulandelana.
Ngokuhambisana nesigatshana , lowo obefaka imali esikhwameni kufanele akhokhelwe umehluko phakathi kwanoma iyiphi imali yokugula ayitholayo ngaphansi kwanoma imuphi umthetho, isivumelwano phakathi kwabasebenzi nabaqashi, noma isivumelwano sokusebenza okukhulunywa ngaso esigabeni 19, kanye nemali ekhokhwa ngaphansi kwesigaba 12.
Uma ngabe kubhekwa imali yokugula ekhokhelwa lowo obefaka imali esikhwameni ngaphansi kwanoma imuphi omunye umthetho, noma isivumelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi, inzuzo yokugula ingaba ngaphezulu komholo lowo msebenzi obefaka imali eSikhwameni angabe eyithola ukuba ebengagulanga.
Isicelo semali yokugula kufanele sifakwe nguyena umuntu ngokwakhe ngefomu elinqunyiwe elitholakala emahhovisi ezemisebenzi.
b Uma ngabe lowo obefaka imali eSikhwameni engeke akwazi ukuzifakela yena ngokwakhe isicelo, isikhulu sezicelo singagunyaza noma imuphi omunye umuntu ukuba afake isicelo esikhundlen salowo ogulayo.
Isicelo sokugula kufanele senziwe zingakapheli zinyanga eziyisithupha kusukela kuqalile ukugula, kodwa uKhomishani angamukela isicelo esifakwe seziphelile izinyanga eziyisithupha uma nje kunesizathu esizwakalayo.
Isikhulu sezicelo kufanele siphenye isicelo les, uma kudingeka singacela eminye imininingwane mayelana nesikhathi lowo ofake isicelo ethola umholo oncishisiwe ngenxa yokugula.
c sigunyaze ukukhokhwa kwemali yenzuzo; futhi d sinqume ukuthi izokhokhwa kanjani inzuzo.
Uma ngabe isicelo singahambisani nokushiwo yilesi Sahluko, isikhulu sezicelo kufanele sibhalele lowo ofake isicelo simaluleke noma simazise ukuthi isicelo sakhe sinamaphutha nokuthi yingani sinamaphutha.
Ngokuhambisana nesigaba 14, lowo obefaka imali esikhwameni okhulelwe kufanele akhokhelwe inzuzo yokuyobeletha okukhulunywa ngayo kule ngxenye kunoma isiphi isikhathi sokukhulelwa noma sokubeletha noma emva kokubeletha, uma ngabe isicelo sifakwe ngokulandela izidingo nemiyalo enqunywe kulengxenye.
Ngokuhambisana nesigatshana 3, lowo obefaka imali eSikhwameni kufanele akhokhelwe umehluko phakathi kwenzuzo yokuyobeletha ayithola ngaphansi kwanoma imuphi omunye umthetho noma isivumelwano sabaqashi nabasebenzi noma isivumelwano isikhathi okukhulunywa ngaso esigabeni 19 2, inzuzo engeze yadlula kuleyo okhokhwa ngaphansi kwesigaba 122.
Uma ebhekisisa noma iyiphi enye inzuzo yokuyobeletha ekhokhelwa lowo obefaka imali eSikhwameni ngaphansi kweminye imithetho noma isivumelwano phakathi komqashi nabasebenzi noma isivumelwano sokusebenza, inzuzo yokubeletha ingeze yaba ngaphezu komholo walowo obefaka imali eSikhwameni abezowuthula uma ebengayanga ukuyobeletha.
Ngokwenhloso yalesi sigaba isikhathi esigcwele sokuyobeletha kushiwo amasonto angama-17 no 32.
Lowo obefaka imali eSikhwameni ochithekelwe isisu ngenxenye yesithathu yesisu noma obelethe umntwana ofile kufanele athole imali yokubeletha yamasonto evile kwayisithupha kusukela osukwini lokuchitheka kwesisu noma ukuzalwa komntwana oshonile.
Ukhomishani uma kunezizathu ezizwakalayo...
b angandisa isikhathi sokulethwa noma ukufakwa kwesicelo uma kuze kuphele isikhathi sezinyanga eziyisithupha kusukela kosuku lokuzalwa komntwana osefile.
Isikhulu sezicelo kumele siphenye isicelo uma kudingeka singacela eminye imininingwane.
izunzo yemali okufanele itholwe ngokwesigaba 134; futhi c sibeke ukuthi inzuzo izokhokhwa kanjani.
uma ngabe isicelo asihambisani nokushiwo kulesi Sahluko , isikhulu sezicelo kufanele sibhalele lowo ofake isicelo simazise ukuthi isicelo sakhe sinamaphutha nokuthi yingani sinamaphutha.
Ukukhokhwa kwenzuzo yokuyobelethe uMqondisi -jikelele kufanele akhokhe imali yezunzo yokubeletha kulowo msebenzi obefaka imali eSikhwameni ehhovisini lapho afaka khona isicelo noma iliphi elinye ihhovisi elikhethwe yilowo ofake isicelo ngesikhathi efaka esicelo.
ngokuhambisana nesigaba 14, ngumzali oyedwa kuphela kubazali ababili onelungelo lokuthola inzuzo yokuthabatha umntwana okukhulunywa ngakho kuleNgxenye nayelana nomntwana oyedwa othengiwe, futhi kuphela uma...
Ngokuhambisana nesigaba nesigatshana 4 lowo obefaka imali eSikhwameni kufanele akhokhelwe umehluko, uma ukhona phakathi kwenzuzo yokuthabatha umntwana ayithola ngokusho kweminye imithetho noma isivumelwano phakathi kwabaqashi nabasebenzi noma isivumelwano sokusebenza isikhathi okukhulunywa ngaso esigabeni 19 2 kanye nemali yezunzo ekhokhwa ngaphansi kwesigaba 12 2.
Uma ngabe kubhekisisa imali yamalivu ekhokhelwe lowo obefaka imali eSikhwameni ngaphansi kweminye imithetho, noma isivumelwano phakathi komqashi nabasebenzi noma isivumelwano sokusebenza, inzuzo ekhokhelwa ukunakekela umntwana othatshathiwe ingeze yaba ngaphezu kweholo ebelizokhokhwa umqashi uma ngabe lowo obefaka imali eSikhwameni ubesasebenza.
Isicelo kufanele senziwe zingapheli izinyanga eziyisithupha kusukela ngosuku lwesinqumo senkantolo, kodwa ukhomishani angamukela isicelo esifakwe sezidlulile izinyanga eziyisithupha kuphela nje uma kunesizathu esizwakalayo.
Isikhulu sezicelo kufanele siphenye isicelo, uma kudingeka singacela ukuba kulethwe eminye imininingwane mayelana nesikhathi lowo ofake isicelo ebengasebenzi ngaso ngoba enakekele umntwana othatshathiwe.
Uma ngabe isicelo sihambisana nokushiwo kulesi Sahluko, Isikhulu sezicelo kufanele...
imali okufanele itholwe yilowo ofake isicelo ngokulandisa kwesigaba 13 4.
c siunyaze ukukhokhwa kwenzuzo; futhi d sisho ukuthi inzuzo izikhokhwa kanjani.
Uma ngabe isicelo singahambisani nokushiwo kulesi Sahluko, isikhulu sezicelo kumele sibhalele lowo ofake isicelo simazise ukuthi isicelo sakhe sinamaphutha futhi sinekeze izizathu ukuthi yingani sithi isicelo sinamaphutha.
UMqondisi-Jikelele kufanele akhokhe inzuzo ekhokhelwa lowo obefaka imali eSikhwameni okhulisa umntwana othatshathiwe ehhovisini lezemisebenzi lapho kwafakwa khona isicelo noma ngeliphi elinye ihhovisi elakhethwa ngumfakisicelo ngesikhathi efaka isicelo.
umlingani osele noma umasihlalisane womuntu obefaka imali eSikhwameni oseshonile uvunyelwe ukuthola inzuzo ekhokhela labe abebondliwa ngumufi, uma ngabe isicelo sifakwe...
a ngokulandela okushiwo nezidingo zalengxenye ; futhi b zingakapheli izinyanga eziyisithupha ngaphandle kokuthi uma ngabe kunezizathu ezizwakalayo uKhomishani angasivuma isicelo esifakwe sezidlulile izinyanga esiyisithupha.
Inzuzo ekhokhelwa labo abebondliwa yinzuzo yokungasebenzi okukhulunywa ngayo eNgxenyeni B yalesi Sahluko, ebiyokhokhelwa lowo muntu obefaka imali eSikhwameni kuba ubesaphila.
Isicelo kufanele senziwe singapheli sikhathi okukhulunywa ngaso esigabeni 301b noma izinsuku eziyi4 emva kwesikhathi okukhulunywa ngaso esigabeni 302b, noma ikuphi phakathi kwalokhu.
Isikhulu sezicelo kufanele siphenye isicelo, uma kudingeka singacela eminye imininingwane edingekayo ukuze kuqhuthwe isicelo.
inzuzo ufanele ikhokhelwe ngubani?
c sigunyaze ukukhokhwa kwenzuzo; futhi d sisho ukuthi izokhokhwa kanjani inzuzo.
Uma ngabe isicelo singahambisani nokushiwo kulesi Sahluko, isikhulu sezicelo kufanele sibhalele umfakisicelo simazise ukuthi isicelo sakhe sinamaphutha nezizathu zokuthi yingani sinamaphutha.
Ngokwenhloso yesigaba 1, "isikweletu " asimbandakanyi isikweletu esisuka esivela ezunzweni ekhokhwe ngephutha ngaphansi kwaloMthetho.
Labo abebefaka imali esikhwameni nabondliwayo abakhokhelwe inzuzo obekungafanele bayithole ngokusho kwalomthetho noma abakhokhelwe ngaphezulu kwenzuzo obekufanele bayithole, kufanele bayibuyise eSikhwameni leyo nzuzo.
Incwadi yokubiza imali okukhulunywa ngayo kusigatshana 2 kufanele imbandakanye...
b incazelo echazayo ukuthi yingani lowo muntu bekungafanele athole imali esikhwameni; kanye c nobufakazi bokuthi lowo muntu okuqondiswe luye incwadi wayithola ngempela imali esikhwameni.
umuntu okukhulunywa ngaye kusigatshana 1 kufanele akhokhe leyo mali zingakapheli izinsuku ezingama-90 kusukela ngosuku lwencwadi yokubiza imali.
c ehlulekile ukwazisa isikhulu sezicelo uma eseqalile ukusebenza ngaleso sikhathi ebekhokhelwa inzuzo yokungasebenzi; noma d ehlulekile ukulandela incwadi ebhaliwe ebimphoqa ukuba enze okuthile ngaphansi kwesigaba 35 2.
Lokhu kumiswa kwenzuzo kungenziwa noma ngabe imali ibingakakhokhwa kulowo obefaka imali eSikhwameni noma owondliwayo.
a mephuli umqashi esibophweni sakhe sokukhokha umnikelo esikhwameni ; noma b kunciphise ilungelo lomqashi lokuba abuyiselwe imali ayikhokhe njengomnikelo ekhokhela lowo msebenzi omisiwe.
a kaKhomishani ukuba amise ilungelo lalowo muntu lokuthola inzuzo; noam b sikhulu sezicelo mayelana nokukhokhwa noma ukungakhokhwa kwenzuzo.
Umhloli wezemisebenzi osolayo ukuthi umqashi othile akakulandeli okushiwo yilomthetho noma wenze icala ngokusho kwalomthetho, kufanele azame ukuthi umqashi athembise ngokubhala phansi ukuthi uzokulandela okushiwo yilomthetho.
b isinqumo esinikwe ngokwesigatshana 2; noma c ikuphi okushiwo yiloMthetho.
f Inhlawulo angase athwese yona umqashi uma ehluleka ukulandela lokho okushiwo umthetho.
Umhloli wezemisebenzi kufanele ahambise umfanekiso walesinqumo kulowo nalowo mqashi.
Umqashi kufanele alandele lokho okushiwo yisinqumo singakapheli isikhthi esinqunywe kuleso sinqumo ngaphnadle uma ephikisana nasenqumo ngokwesigaba 40.
Ukuphikisana nesinqumo sokulandela uMthetho uMqashi angaphikisana nokushiwo yisinqumo ngokudlulisela impikiswano ukuze iyoxazulula nguMqondisi-Jikelele ngendlela enqunyiweyo.
UMqondisi-Jikelele angenza isicelo asibhekise enkantolo yamacala ezemisebenzi acele ukuba isinqumo sokulandelwa komthetho senziwe isinqumo senkantlo uma umqashi engakakufezi lokho okushiwo isinqumo.
Umqashi kufanele aqiniseke ukuthi isitatimende neminye imininingwane kufanele kugcinwe futhi kuhanjiswe ngokuyikho ngokulandisa kwaloMthetho.
UKhomishani angeke adlulise amandla noma igunya lokuthuma okunikwe yena ngokwalomthetho , ngaphandle uma uMqondisi jikelele evuma ukuba adluliwe amandla noma athumele.
Noma imaphi amandla noma umsebenzi owenziwe ngokusebenzisa amandla noma ukuthunywa okukhulunywa ngakho esigabeni 1 kuyothathwa ngokuthi kwenziwe noma amandla asetshenziswe uKhomishani ngokwakhe qobo.
Ukudluliswa kwamandla noma ukuthunywa okwenziwa ngaphansi kwalomthethoakuwanciphisi amandla kaKhomisahni okuba azenzele yena lowomsebenzi noma asebenzise lawo mandla abewadlulisile.
UKhomishani angathatha ngokuthi lomuntu ubefaka imali eSikhwameni uma ngabe kuvela obala ukuthi lowo muntu bekufanele athole inzuzo ngaphansi kaloMthetho, kodwa ngenxa yezizathu ezingaphezu kwamandla akhe engavumelekanga ukuthola inzuzo.
Ngokulandela imithetho elawula abasebenzi bakahulumeni , uMqondisi-Jikelele kufanele aqashe isikhulu sezicelo, ukuze sisize uKhomishani ekuqhubeni izicelo ezenziwe ngaphansi kwaloMthetho.
c noma imiphi imihlahlandlela emiswe nguMqondisi-Jikelele.
b amalunga ayishumi nambili ayakuba evumelekile ukuvota ayoqokwa nguNgqongqoshe; kanye c noKhomishani naye ovumelekile ukuvota.
c amanye amalunga amathathu futhi kufanele akhethwe yi- NEDLAC ukuze amele izinhlangano zomphakathi nezidingo zentuthuko; kuthi d amalunga amathathu aqokwa nguNgqongqoshe ukuze amele izidingozikaHulumeni.
Ilunga leBhodi okukhulunywa ngalo...
b nesigatshana 1c yisikhundla selunga leBhodi ngokomsebenzi.
a lisuswa esikhundleni nguNgqongqoshe njengoba kushiwo kusigatshana 5 ; noma b lishiya lona ngokwalo umsebenzi ngokubhalela uNgqongqoshe isaziso.
d uma lehlulekile ukwethamela imihlangano yeBhodi yaze yaba mithathu ngaphandle kokuvunyelwa yiBhodi ngaphandle uma lelo lunga liveza isizathu esizwakalayo; noma e uma lenze noma lizibandakanye nomsebenzi ongehlisa isithunzi nomsebenzi weBhodi.
Uma ngabe ilunga lishiya isikhundla salo singakapheli isikhathi salo, uNgqongqoshe kufanele agcwalise leso sikhundla ngolulandele okushiwo yisigatshana 1 nesigatshana 2 kuleso sikhathi esisasele.
Ibhodi kufanele ngokushesha emuva kokuqokwa kwamalunga alo lilungise futhi lamukele umthethosisekelo walo okuyakudingeka ukuba uvunywe nguNgqongqoshe kuqala.
ngokuhambisana nesigatshana 4, inqubo yokucibiyela umthethosisekelo; kanye b nokuthi uhlinzekele- i Ukudluliswa kwamandla namandla okuthuma kanye nemisebenzi yeBhodi , amalunga alo kanye nabasebenzi balo: Iqobo nje ukuthi iBhodi li...
bb ngeke laphucwa noma imaphi amandla noma umsebenzi ngokudluliswa kwamandla noma ukuthuma ; futhi cc lingaguqula noma lichithe isinqumo esenziwe ngokusebenzisa ukudluliswa kwamandla noma ukuthunywa; kanye nokwenza noma imuphi umunye umsebenzi ofanele ukuzwe kuqhutshwe imisebenzi yeBhodi.
Kufanele kunikezwe isaziso okungenani sezinsuku ezingamashumi amathathu uma kubizwa umhlangano weBhodi uma ngabe kulowoMhlangano kuzohlongozwa ukucitshiyelwa koMthethosisekelo.
Uma kucitshiyelwa umthethosisekelo kufanele uvotelwe yizingxenye ezimbili kwezintathu zamalunga eBhodi futhi kufanele uvunywe nguNgqongqoshe.
Ukhomishani nguyena onomthwalo wokwengamela izindaba zeBhodi.
Ukuze iBhodi likwazi ukusebenza ngokuyikho Umqondisi-Jikelele kufanele alihlinzeke ngezimali nezinye izikhali zokusebenza ezidingekayo, ngokuhambisana nomthetho olawula abasebenzi bakaHulumeni, kanye nabasebenzi abadingekayo.
Ngokushesha, njalo emuva kokuphela kwenyanga, uKhomishani kufanele abonisane neBhodi...
Ilunga leBhodi noma lekomiti elingaqashiwe ngokuphelele nguHulumeni kuyofanele liholelwe umholo futhi linikwe nezimfanelo eziyakunqunywa nguNgqongqoshe ngokulandela imiyalo yeziMali ekhishwe uMgcinimafa kaZwelonke (National Treasury).
Ilunga leBhodi livikelekile emacaleni, izindleko elingene kuzo uma livika noma liphikisa amacala avela ekwenzeni ngokuthembeka umsebenzi walo ngaphansi kwaloMthetho.
a ezivela, noma eziyimiphumela yemibandela yesikhashana okukhulunywa ngayo kuSheduli 1; noma b ezidingekayo noma okufunekayo ukuba zinqunywe ukuze kufezekiswe inhloso yalomthetho noma okushiwo yiloMthetho.
c kufanele kuyekelwe sikhathi esingaka ngenyanga okungenani kusukela osukwni lwesisimemezelo ukuze kunikwe isikhathi abantu abathintekayo ukuba bathumele imibono yabo ngomthethonkambiso; futhi d imibono etholakele kanye nengqikithi yazo zonke isingxoxo nokubonisana kufanele kubhekisiswe ngaphambi kokucibiyela umthethonkambiso.
a kunoma imuphi umthethonkambiso olungisa iphutha lokubhaliwe; noma b uma ngabe uNgqongqoshe ehoxhisa noma imuphi umthethonkambiso noma isaziso esikhishwe ngokulandisa koMthetho woMshwayilense wabaNgaSebenzi ka 1966 uMthetho ongunombolo 30 ka 1966, okukhulunywa ngawo esigabeni 2 sikaSheduli 1.
Noma imuphi uMthethonkambiso othinta izimali zikahulumeni noma ukusentshenziswa kwazo ungakhishwa kuphela ngokuvumelana noNgqongqoshe weziMali.
Wonke umqashi kufanele ngokushesha emuva kokuqala umsebenzi, alethe imininingwanne okukhulunywa ngayo kusigatshana mayelana nabasebenzi kuKhomishani, , ngale kokunaka iholo lalabo basebenzi.
UKhomishani angacela umqashi ukuba alethe eminye imininingwane edingekayo ukuze kufezwe inhloso yaloMthetho zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela osukwini okwenziwe ngalo isicelo, noma esikhathi esengezwe nguKhomnishani.
Ukhomishani kufanele akhe futhi agcine ulwazi nemininingwane yalabo abafaka imali eSikhwameni, abathola inzuzo kanye nabaqashi.
a Ukuze kukalwe inzuzo okufanele ikhokhwe ngaphansi kwaloMthetho, uKhomishani angabheka imininingwane kaHulumeni enolwazi mayelana nokuphepha kwenhlalo yabantu.
b Ngenhloso yesigaba a uKhomishani kufanele abambisane nezikhungo zikaHulumeni ukuze baxhumane mayelana nokugcinwa kolwazi.
Amandla nomsebenzi okunikwe noma okuthweswe uMqondisi-Jikelele ngokwaloMthetho angeze abengaphezu kwamandla nomsebenze okuthweswe noma okunikwe uMqondisi-jikelele njengenhloko yoMnyango wezeMisebenzi.
Ngokuhambisana nemibandela engabekwa nguMqondisi-Jikelele, uMqondisi-Jikelele angadlulisa amandla anikwe wona noma athumele ukuba kwenziwe umsebenzi athweswe wona kunoma isiphi isikhulu seSikhwama.
Noma imaphi amandla asentshenziswe noma umsebenzi owenziwa ngaphansi kokudluliswa kwamandla noma ukuthumela okwenziwa ngokwalesi sigaba kuyothathwa ngokuthi kwenziwa nguMqondisi-Jikelele.
Ukudluliswa kwamandla noma ukuthumela okwenziwa ngaphansi kwalesi sigaba akulinciphisi igunya likaMqondisi-Jikelele lokwenza lomsebenzi noma ukusebenzisa amandla abedlulisiwe.
a angathenga noma athole noma ngayiphi indlela impahla ephathekayo edingekayo ukuze kufezwe inhloso yaloMthetho.
b angadlulisa noma aqashise ngempahla ephathekayo uma kudingekile; noma c avume ukuba kusentshenziswe impahla ephathekayo etholakele ukuze kuphumeleliswe noma imuphi omunye umthetho ngaphansi kwemibandela angayinquma uMqondisi-Jikelele.
Umqondisi-Jikelele angathenga noma athole noma ngayiphi indlela impahla ephathekayo edingekayo ukuze kuphumeleliswe loMthetho, futhi anga...
a thengisa noma asule ukulahlekelwa yimali noma ukuntuleka okumayelana nempahla; noma b avumele ukusentshenziswa kwanoma yiyiphi impahla ephathekayo etholakele ukuze kuphunyeleliswe yinoma imuphi umthetho ngaphansi kwemibandela engamiswa uMqondisi-Jikelele.
Uma ngabe uMqondisi-Jikelele ebona ukuthi kunemali okufanele ikhokhelwe iSikhwama noma imali ekhokhelwe iSikhwama kumbandakanywa nezimali ezitholakale ngokukhwabanisa akufanele noma ngeke zitholakale, anganquma ukuba lezi mali zisulwe.
a qoka izithunywa noma aqoke izikhulu ukuba zibe yizikhulu zemisebenzi ezingadingeka ukusiza uMqondisi-Jikelele, uKhomishani , iBhodi nona iSikhwama ukuze kuqhutshwe ngendlela eyiyo loMthetho; futhi b anike isithunywa noma izikhulu imisebenzi edingekile ukuze kuphumeleliswe lezimpokophelo.
a azise uNgqongqoshe, usozibalo kanye neBhodi ngalolundaba; futhi b emuva kokubonisana neBhodi enze izincomo kuNgqongqoshe ngalolundaba.
Umqondisi-Jikelele angatsheleka izimali etshelekela iSikhwama ngokusho kwesigaba 663b soMthetho wokuPhathwa kwezimali zoMphakathi ka 1999 uMthetho ongunombolo 1 ka 1999.
d inani labanikeli asebeshonile okukhokhelwe labo abebondliwa yilabo abebefaka imali eSikhwameni, inzuzo kanye nesamba salemali isihlanganiswe yonke.
Noma yimaphi amathuluzi akhishwe phansi kwalomthetho angeke akhokhelwe intela, uma ngabe iSikhwama siphoqelekile ngokomthetho ukuba sikhokhe intela leyo.
d ukulimala kwanoma iyiphi impahla yeSikhwama; kanye e izenzo noma ukungenzi lutho okuholela ekumangalelweni kweSikhwama enkantolo.
Uma umsebenzi weSikhwama ebangele ukulahlekelwa noma ukulimala kweSikhwama, uMqondisi-Jikelele...
c uma ngabe kutholakala ukuthi umsebenzi nguyena ozokhokhela ukulahlekelwa noma ukulimala , anqume - i inani lokulahlekelwa noma ukulinyalelwa; nokuthi ii umsebenzi lowo uzoyikhokha kanjani futhi uzoyikhokha kuphi imali layo; nokuthi d abhalele umsebenzi lowo amazise ngesinqumo esithathiwe ngokulandisa kwalesigatshana.
Uma ngabe kuthi ekuphelelweni umsebenzi kwalowo msebenzi kutholakala ukuthi kusasele imali engakakhokhwa mayelana nesinqumo esenziwe ngokwesigatshana 2 leyo mali esasele ingabanjwa emalini okufanele ikhokhelwe lowo msebenzi.
Noma imuphi umsebenzi onganelisiwe isinqumo sikaMqondisi-Jikelele, kufanele kuthi zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela ethole isaziso ngokwesigatshana 2 b , adlulisele undaba lwakhe kuNgqongqoshe, ngokuhambisa ngenqubo yezikhalazo esentshenziswayo kubasebenzi bakahulumeni.
Akukho lutho kulesigaba okuvimbelo uMqondisi-Jikelele ukuba...
a afake icala enkantolo yomthetho ukuze kubuyiswe noma yikuphi ukulahlekelwa noma ukulinyalelwa okudalwe ngumsebenzi osebenzela uhulumeni noma owayesebenzela uhulumeni; noma b kulandelwe inqubo yokuqondiswa kwezigwegwe kulowo msebenzi okukhulunywa ngaye esigabeni a; noma c azithathe zombili lezinqubo okukhulunywa ngazo esigabeni a no b.
Ngokwenhloso yalesi sigaba, ukulahlekela noma ukulinyalelwa kweSikhwama kusho...
d ukwahluleka ukuhambisana nesibopho esibekwe yiloMthetho okuholela ekulahlekelweni noma ukulimala kweSikhwama.
Noma imuphi umuntu oyimbangela yokulahlekelwa noma ukulinyalelwa uyakutholakala enecala.
Ekulahleni lowo muntu okukhulunywa ngaye kusigatshan 2 ngecala, inkantolo inganquma isamba semali yokulahlekela nokulinyalelwa kweSikhwama.
Noma imuphi umuntu otholakala enecala njengoba kushiwo kusigatshana 2 kufanele abuyisele noma akhokhele isikhwama ngokulahlekelwa lokho ngaphansi kwemibandela eyomiswa nguMqondisi-Jikelele.
Uma ngabe ukulahlekelwa kweSikhwma kungenxa yesicelo esingukukhwabansa, imali elahlekile ingabanjwa emalini yenzuzo yalowo obefaka imali eSikhwameni noma yalabo abondliwayo esasele, ngaphansi kwemibandela yalomthetho.
Akukho lutho kulesi sigaba okuvimbela uMqondisi -Jikelele ukuba afake izimangalo enkantolo ukuze kubuyiswe ukulahlekelwa noma ukulinyalelwa kweSikhwama okudalwe yinoma imuphi umuntu.
c noma imuphi umbhalo onikwe uMqondisi-Jikelele yibhodi noma iliphi ikomiti.
b ukuthi noma imuphi umuntu bekudingeke ngaphansi kwalomthetho ukuba akhokhele uMqondisi-Jikelele imali; noma c isiphi isamba semali okukhulunywa ngayo esigabeni b noma ingxenye yaleyo mali akukho mali engakakhokhwa ngosuku olubalilwe kumbhalosifungo.
a Isikhulu esengamele icala lapho kuvezwe khona njengobufakazi umbhalosifungo okukhulunywa ngawo kusigatshana 2 kungathi yena ngokwakhe noma ngokucelwa ngomunye wabasecaleni abize umbhali wayo ukuba azokwethula ubufakazi ngomlomo noma aphendule noma imiphi imibuzo ebhaliwe yalethwa yafungelwa yase yethulwa kulesi sikhulu esengamele icala.
b Noma imuphi umbuzo nempendulo okunikezwa umbhali wombhalosifingo kuyokwamukeleka njengobufakazi kulelocala.
Lowo obefaka imali eSikhwameni uthathwa ngokuthi, usasebenzela umqashi wakhe kuze kufike isikhathi lapho umqashi azisa uMqondisi-Jikelele ukuthi lowo obefaka imali eSikhwameni akasasebenzeli yena, ngaphandle uma kuvezwa ubufakazi obukhomba okunye.
d noma imuphi umfanekiso noma isitatimende esikhiqizwe kabusha sase siqinisekiswa uKhomishnni ofungusayo ukuthi singumfanekiso woqobo noma yiwona ngqo umkhiqizo waleso esiyiso ngqo.
Akukho mpendulo noma mbuzo obuzwe ngumuntu ekuqhutshwni kophenyo ngaphansi kwesigaba 60 2 a noma umhloli wezemisebenzi, engasentshenziswa ecaleni lobungebengu ngaphandle kokuqhutshwa kwecala lokuqamba amanga ufungile noma ukwenza isitatimende esingelona iqiniso.
b ngenhloso yokuqhutshwa kobulungiswa; noma c ngokucelwa nguNgqongqoshe , uMqondisi -jikelele noma ngumuphi omunye umuntu ofanele ukuthola lololwazi.
Noma imuphi umuntu owephula lokho okushiwo kusigatshana 1 oyakutholakala enecala.
e abhale umbhalo ongesilona iqiniso ekhadini noma ngomlandu womsebenzi walowo obefaka imali eSikhwameni noma isicelo senzuzo salowo obefaka imali eSikhwameni; noma c phula, ukwala noma ukuhluleka ukugcina okushiwo yiloMthetho noma imithethonkambiso noma isazizo esenziwe ngaphansi kwalo Mthetho.
Noma imuphi umuntu owephula isigatshana 1a, b noma c uyakutholakala enecala.
Noma imuphi umuntu olahlwe yicala ngokwaloMthetho uyakuhlawuliswa imali noma agwetshwe ukuhlala ejele noma kokubili ukuhlala ejele nokuhlawuliswa imali.
Ngaphandle uma loMthetho ungasho okunye, inkantolo yamacala aphathelene nezemisebenzi inamandla okulalela wonke amacala enziwe ngaphansi kwalomthetho, ngaphandle kwamacala obugebengu awenziwe ngaphansi kwaloMthetho.
Uma ngabe kuvela umbuzo ophathelene nomthetho mayelana nokusentshenziswa kwaloMthetho, Umqondisi-Jikelele angethulwa lolo ndaba enkantolo ukuze ithathe isinqumo, ezenzela yena ngokwakhe noma ngokucelwa ngunoma ubani othintekayo kulolo ndaba.
a amaqiniso okwatholakala ukuthi avezwe obala; kanye b nomthetho owasentshenziswayo mayelana nalawo maqiniso.
UNgqongqoshe angadlulisa amandla akhe noma athume umqondisi-Jikelele ngokubhaliwe noma imuphi umsebenzi kahulumeni, noma imaphi amandla noma umthwalo athweswe wona ngokwaloMthetho, ngaphandle kwamandla anikezwe wona ngokwesigaba 43, 47, 48 (b), 50 no , 52, lesisigaba nesigaba 69 kanye namandla kaNgqongqoshe okwenza imithethonkambiso noma ukukhipha isaziso.
Ukwedluliswa kwamandla noma ukuthunywa okwenziwe ngokulandisa kwesigatshana 1 akulinciphisi igunya likaNgqongqoshe lokuwasebenzisa yena lawo mandla abedlulisiwe noma lowo msebenzi abewuthumele.
Noma imuphi umuntu okudluliselwe kuye amandla noma onikwe umthwalo ngokulandisa kwesigatshana 1 kufanele asebenzise lawo mandla noma afeze lowo mthwalo ngokulandela iziyalo zikaNgqongqoshe.
a ahoxise lokho kwedluliswa kwamandla noma ukuthunywa okwenziwe ngokulandisa kwesigaba 1; futhi b angahoxisa noma acibiyele noma isiphi isinqumo esenziwe ngumuntu obesebenzisa amandla noma isibopho sokwedluliselwe kuye ngokulandisa kwesigaba 1.
UNgqongqoshe angathi emuva kokuthola isicelo ngefomu eyenzelwe/ emiselwe lokhu nangokuvumelana neBhodi, ngokukhipha isaziso kuGazethi, amemezele ukuthi kusukela ngosuku olumiswe esazisweni leso, iqembu elithile labantu noma imuphi umuntu oqashwe yibhizimisi ethile noma umkhakha othile webhizimisi noma endaweni ethile kufanele bathathwe njengabafaka imali eSikhwameni ngokwenhloso yaloMthetho.
Inqubo okukhulunywa ngayo esigabeni 551 iyakusebenza esazisweni esikhishwe ngaphansi kwasigatshana 1 kuyokwenziwa ushintsho uma kudingekile.
Lokho okushiwo kuShedili 1 kuyosebenza ngesikhathi kusawelwa kusuka kweminye imithetho kuyiwa kuloMthetho.
LoMthetho uyisibopho nakuhulumeni.
LoMthetho uzakubizwa ngoMthetho woMshwayilense wabangasebenzi ka 2001, kanti uyakuqala ukusebenza ngosuku oluyomiswa nguMongamelo ngokukhipha isimemezelo ephephabhukwini likaHulumeni iGazethi.
Kungamiswa izinsuku ezahlukene ngokwesigatshana 1 mayelana nezigaba ezahlukene zaloMthetho.
Noma imuphi umthethonkambiso owenziwe ngokoMthetho woMshayilense wabangasebenzi ka 1966, obekuyiwona obusebenza ngaphambi kokuqala ukusebenza kwalesisigaba, uzoqhubeka usebenza kuze kufike isikhathi lapho uyohoxiswa nguNgqongqoshe ngokukhipha isaziso kuphephabhuku likaHulumeni iGazethi.
Ibhodi namakomiti alo elasungulwa ngaphansi koMthetho woMshwayilense wabangasebenzi ka 1966, liyakuqhubeka lisebenza kuze kufike isikhathi lapho uNgqongqoshe esungula iBhodi ngokwalesigaba 47 . Amalunga aqokwe ngaphansi koMthetho woMshwayilense wabangasebenzi ka 1966, ayakuqhubeka nezikhundla zawo kuze kufike isikhathi lapho uNgqongqoshe eqoka amalunga eBhodi ngokwesigaba 49.
Noma ikuphi ukudluliswa kondaba/isikhalo mayelana nesinqumo seSikhulu sezicelo kuyakuqhutshwa kuze kuqedwe ngaphansi kwaloMthetho.
NgokweNhloso yesigatshana 1, iKomiti lokuDlulisela izikhalo mayelana nenzuzo yokungasebenzi elasungulwa ngaphansi koMthetho woMshwayilense 1966, liyakuqhubeka likhona kuze kuqedwe zonke izikhalo.
Zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kusukela ekuqaleni ukusebenza kwalesi sigaba, bonke abaqashi kufanele banikezele ngemininingwane eshiwo esigabeni 56 yabo bonke abasebenzi abaqashiwe bayinikezele kuKhomishani, ngale kokunaka umholo walowo nalowo msebenzi.
Ukhomishani anganxusa uMqashi ukuba anikezele ngeminye imininingwane eyengeziwe zingakapheli izinsuku ezingama-30 noma esinye isikhathi esengezwe ngokuvumelana noKhomishani, engadingeka ukuze kufezwe izinhloso zaloMthetho.
Labo abebefaka imali eSikhwameni abebehola imali engaphansi kwesamba esithile semali (esaziwa ngokuthi izinga leholo) kufanele bathole ingxenye yomholo wabo.
Labo abebefaka imali eSikhwameni abebehola ngaphezulu kezinga leholo lesikhashana kufanele bathole inzuzo, elingana nemali obekufanele itholwe yilowo muntu owayehola ezingeni lomholo wesikhashana.
Isivumelwano SeNhlangano yoMhlaba yezeMisebenzi sika 1953 (Isivunelwano esingonombolo 102) sithi umholo womsebenzi owufundele umsebenzi wezandla kufanele kususelwe kuwona izinga lomholo elifanele okufanelwe kubekwe kulo amalunga esikimu somshwayilense wobudlelwano bokuhlalisana kwabantu. Eminyakeni eminingi edlule, iZikimu zoMshwayilense wabaNgasebezi zaseNingizimu Afrika bezihambisana nalomhlahlandlela. Lelizinga lomholo lesikhashana lisuselwa kuwo lowomhlahlandlela.
Izinga eliphezulu elikhona njengamanje yimali eyizi-R8 099 ngenyanga. Leli zinga lesikhashana lokuqala ngokwenhloso yaloMthetho. Kodwa-ke, ngokwesigaba 12 (a), uNgqongqoshe angalishintsha lelizinga lomholo lesikhashana ukuze kukhonjiswe ushintsho lwemiholo.
Labo abebefaka imali eSikhwameni abebehola ngaphansi kwezinga lomholo lesikhashana, ukuthola inzuzo kunobudlelwane neholo.
Laphi i-IRR imele I- Income Replacement Rate ihambisana nomholo wosuku walowo obefaka imali eSikhwameni. Umholo wosuku.
Uma ngabe lowo obefaka imali eSikhwameni ubeholelwa ngenyanga, umholo wosuku uthathwa njengomholo wenyanga uphindaphindwe ngo12, bese wahlukaniswa ngo-365.
I- Income Replacement Rate (IRR) iyona enkala ingxenye yomholo odlule walowo obefaka imali eSikhwameni okufanele awuthole njengenzuzo. Le- IRR iyaguquguquka ngakho-ke ikhombisa isilinganiso esikhulayo sibuye sehle. Lowo obefaka imali eSikhwameni obehola iholo elincane kufanele athole inzuzo emele ingxenye enkulu yomholo akade ewuhola kunalowo muntu obehola umholo ophezulu.
Lapha u- Yi umele izinga lomholo wenyanga walowo obefaka imali eSikhwameni Ukuvumelana kwama yunithi kubalulekile.
Labo abebefaka imali eSikhwameni abebehola ngaphezulu kwezinga lomholo lesikhashana kufanele bathole inzuzo elingana nezinga lomholo lesikhashana liphindaphindwe ngezinga eliphansi le-IRR.
Njengoba izinga lenzuzo lesikhashana lenyanga kungu R8 099 , uma uyahlukanisa iba R101.
Inzuzo = 266.
Ngokwesigaba 13 , lowo obefaka imali eSikhwameni kufanele athole inzuzo yosuku esikhathini sezinsuku eziyisithupha ezisentshenziwe kuze kufike ezinsukwini ezingama -238 kungeqi (amasonto angama-34). Lowo obefaka imali eSikhwameni angakwazi ukuthola inzuzo isikhathi seminyaka emine esebenza.
Hlukanisa leso samba sezinsuku ngo 6, unganaki izinamba ezisala zingaphelele noma ingxenye emphumeleni owutholile.
Susa isamba sezinsuku asethole ngazo imali yenzuzo umnukeli (ngaphandle kwenzuzo yokuyobeletha) eminyakeni emine edlule ngokwaloMthetho.
Inzuzo okufanele ayithole lowo obefaka imali eSikhwameni noma ingasiphi isikhathi kuyakuba inzuzo okufanele ayithole iphindaphindwe ngenani lezinsuku okufanele athole ngazo inzuzo. Qaphela ukubalwa kwe-IRR ngobuchwepheshe.
Isilinganiso seholo siyaguqulwa ukuze sihambisane nemali ku - x axis (xi).
lapho Yi ekhonjiswa njengesilinganiso senyanga sikhonjiswe njengesilinganiso somholo wenyanga. Kubalulekile ukuqiniseka ukuthi kokubili isilinganiso somholo womnikeli (Yi) kanye nemali yezinga lomholo wesikhashana (YLRR) kukhonjiswa ngamayunithi afanayo-ngenyanga , isonto.
Ithebula lokuqala isikali senzuzo okufanele ayithole lowo obefaka imali eSikhwameni. Isilinganiso semali yomholo wenyanga sibekwe ngokusobala kuluhla loku-1. Iphesenti lomholo wenyanga womnikeli elizokhokhwa. Iphesenti lomholo wenyanga libekwe kuluhla 2. Inzuzo ezokhokhwa ngokwamaRandi kubekwe kuloluhla.
Abasebenzi abebefaka imali eSikhwameni nabaqashi balabo basebenzi abahola ngaphezu kuka R97 188 ngenyanga bayakunikela ngephesenti elilodwa lomholo wabo futhi labo banukeli bayakukhokhelwa inzuzo ekulelozinga.
Ukusebenza isikhathi esifinyeziwe noma ukumiswa okwesikhashana akuthathwa njengokungasebebnzi mayelana nokufaka isicelo senzuzo.
